Kuthuthukiswe iVW Touareg

Intatheli Yazezimoto|Published

I-VW Touareg ithuthukiswe ngokushintshwa ngaphambili ikakhulukazi amalambu nokunye

IMOTO: VOLKSWAGEN TOUAREG

Uqalile ukudayiswa umakhonya wamaSUV akwaVolkswagen iTouareg ethuthukiswe ngezinto ezehlukene.

Ngaphambili ishintshwe kwi-radiator grille, ifakwe ama-IQ.Light HD matrix headlights amasha kanjalo nolayini okhanyayo emaceleni ophawu lakwaVW kwi-grille.

Nangemuva kwenziwe izinguquko njengoba ishintshwe kumalambu ahlangene. Nophawu lakwaVW selukhanya ngombala obomvu. Ithuthukiswe namarimu.

Izinguquko zidlulele nangaphakathi. Zihlanganisa indlela yokuyilawula ngephimbo. Amandla okushaja nge-USB anyusiwe nokwenza isheshe. KwaVW bathi balalele izincomo zabantu ukuyithuthukisa. Kwi-centre console bathi isithambile kunakuqala.

ITouareg ihamba ngenjini engu-3.0 litre TDI enamandla angu-190kW. U-gearbox uyi-8 speed automatic futhi idonsa ngawo womane amasondo.

Intengo:

3.0 V6 TDI 190kW (Elegance) - R1 457 900

3.0 V6 TDI 190kW (R-Line) - R1 763 900

Iphuma neMaintenance Plan yeminyaka emihlanu noma u-100 000km, i-warranty yeminyaka emithathu noma u-120 000km ne anti-corrosion warranty yeminyaka engu-12.