Aaron Motsoaledi
Image: SIGCINIWE
MHLENGI SHANGASE
WEHLISA amaphaphu kwabacabanga ukuthi kuzophazamiseka ukuhlinzekwa ngemishanguzo yokuthithibalisa ingculazi kuleli, uNgqongqoshe wezeMpilo uDkt Aaron Motsoaledi. Uthe elakuleli liyazithengela ama-ARV ngakho ngeke kuphazamiseke ukuhlinzekwa kwabantu.
UMotsoaledi usho lokhu phezu kokuba uhulumeni waseMelika, ehoxise uxhaso lokusiza amazwe lokulwa neHIV, isifo sofuba i-TB, nezifo ezithathelana ngokocansi.
"Ama-ARV siyazithengela kuleli. Uxhaso lwe-Pepfar oluvela eMelika, lusiza ukukhokhela abanye abasebenza ngaphansi kwalolu hlelo. Noma uxhaso lungasekho, ukukhishwa kwama-ARV kuzoqhubeka kuleli," usho kanje uNgqongqoshe.
Ukusho lokhu izolo ekhuluma ePhalamende njengoba bekunenkulumo mpikiswano ngokuhoxiswa kwalolu xhaso. Uveze ukuthi banezinhlelo abazenzile bewumnyango ukuzama ukuhlangabezana nalesi simo.
"Sandise abasebenzi ezikhungweni obekusebenza kuzona ohlelweni lwe-Pepfar. Sigqugquzela abadla imishanguzo ukuthi bathathe eyezinyanga ezintathu, hhayi njalo ngenyanga. Sihlela nokuthi senyuse izinyanga zibe yisithupha ukuze kwehle umthwalo ezikhungweni zezempilo. Ngale ndlela abantu ngeke baye njalo emitholampilo beyolanda imishanguzo yabo," kuchaza uMotsoaledi.
Uqhube wathi umengameli wase-USA akalikweleti lutho elakuleli.
"UTrump akasikweleti lutho ngokuthi kumele aqhubeke noxhaso. Sisodwa manje, kumele sifunde ukuzimela. Singathembeli kwamanye amazwe."
Uthe uxhaso lwePepfar belukhokhela abasebenzi abangu-15 000, kubasebenzi abangu-271 606, abasebenza ngaphansi kohlelo lokusabalalisa imishanguzo.
"Abasebenzi abangu-256 042 bakhokhelwa uhulumeni wakuleli. Ngakho bambalwa abasebenzi abaphelelwa yitoho ngenxa yokunqanyulwa kwalolu xhaso unomphela nguTrump."
Uveze ukuthi bamatasa bafuna abantu abangu-1.1 million, abangayidli imishanguzo yabo kuleli.
"Kumele kushaye uNovemba kulo nyaka sesibatholile, badle imishanguzo yabo. Sizobafuna noma yikuphi ngoba kudingeka beyidlile imishanguzo yabo."
Uveze nokuthi behlise isibalo sezingane ezizalwa ne-HIV zafinyelela ku-7 640, uma ziqhathaniswa nezazalwa ngeminyaka edlule.
Related Topics: